Vous êtes sur la page 1sur 7

kanye umbuzo okufanele uthi uqeda ukufunda lendaba ube usuphendulekile empilweni yakho, ngoba ukungabi bikho kwempendulo

yalombuzo kwenza abantu abaningi bengabe besasibona isidingo nobumnandi bokuphila. Akusiyona inkinga yomuntu oyedwa ukuthi uyohlupheka kuze kube nini? Isikhathi esiningi lombuzo uvamise ukuthi uvuke kumuntu othi edlula enkingeni ebe engena kwenye, kwesinye isikhathi izinkinga zisuke zimbondelana phezu kwakhe ngokungabi naluzwelo, enye phezu kwenye ingakapheli. Uma unombuzo ofana nalowo , inkinga enkulu osuke ubhekene nayo kusuke kungeyona inkinga, kodwa kahle kahle inkinga kusuke kuwungazi ukuthi kumele wenze njani noma kusuke kuwukuthi awunawo amandla okulawula naleyonkinga. Isikhathi esiningi uma umuntu esehlupheke isikhathi eside emhlabeni kuyamdida engqondweni; into esuke imdida wukuthi akasazi naye ukuthi kumele enze njani. Yiwo Uma amafu egcwele imvula, ayayithumela emhlabeni; futhi uma uwa umuthi ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho. Umshumayeli 11:3

Okholwayo wenzenjani uma esenkingeni ; kanjalo nongakholwa wenze njani uma ehlelwa izinkinga. Kodwa ukuthi zehlela bani ziyeke bani akusiwona umbuzo ongazibuza wona lowo. Kodwa ngaphezu kwakho konke, phakathi kwabo abakholwayo nabangakholwayo; akekho obeka uNkulunkulu icala ukuthi uyiniselani imvula ngoba yena akanaphahla lokufihla ikhanda. Lokho kwenziwa wukuthi bonke bayaqonda ukuthi isizathu sokuna kwemvula akusisona esokubhubhisa kodwa ukuletha impilo kubo bonke. Nakuba ingafika kabuhlungu imvula, kodwa azikho izidlo ezitshaliwe ezingamila imvula ingananaga.

Abantu abaningi baze bathi izinkinga zibehlela ngoba bengakholwa, kanti ngakwenye ingxenye, abakholwayo nabo bazibuza umbuzo wokuthi : Ngiyakholwa , ngiyamthandaza uNkulunkulu kanti ngihlushwa yini? Iyodwa into eba wumehluko uma lezizinkinga zibehlela, lokho wukuthi :

Kanjengoba imvula iletha ukuphila , kanjalo nezinkinga ziyimvula eyenza ukuthi impilo isimame, kodwa uma kungaqondekanga lokho, iphenduka ibe sengathi iyimbubhiso.

Isixwayiso! Kunabantu abaqhubeka nokona ngenxa yokungazi ukuthi bayona ngoba bakhula ngaphandle kokuthi batshelwe iqiniso ngezinto ezifanele nezingafanele, futhi ke lolohlobo lwabantu akulula lubone uma selujeza ukuthi lujezela ukona kwalo.ngakhoke kubalulekile ukwazi ukuthi wenzeni uma ujeza noma wehlelwa yizinto. Nazi izinto ezenza umuntu angakwazi ukumelana nezinkinga abhekene nazo empilweni yakhe: Okokuqala ; Ukungazi ukuthi yingani esenkingeni Zimbili izizathu umuntu angazingenela enkingeni, ekuhluphekeni, osizini noma ebuhlungwini; Esokuqala

kusuke kuwukujeza ngesono umuntu akasenzile; Uma umuntu esejele azi kahle ukuthi wonile lokho kumenza aqonde abese emukela ukuthi kufanele amukele isigwebo asinikiwe ngenxa yokona kwakhe. Ngaleyo ndlela uyalinda size siphele isigwebo sakhe ngaphandle kokukhala nokumangala. Akunandaba ukuthi umuntu ungamjezisa kanganani uma azi ukuthi ukujeza kwakhe ngamacala akhe kuzoqeda amacala akhe ebese eba ngokhululekile. Kuhle kuyancameleka ukuthi umuntu ajeze ejezela amacala akhe kunokuthi aphile njengenyamazane, ahlale ehlathini, ahlale engalele abanye abantu belele, kwesinye isikhathi aze agule eguliswa wukuthi unecal ngoba umphefumulo onecala awukutholi ukuphumula. Akusizi ukubalekela icala lakho ekubeni uzohlala ungakhululekile impilo yakho ngoba ngisho ungazama ukuzibulala , akukho ukuphumula nokuthethelelwa kwezono ngaleya kwethuna, ungcono ngisho nomuntu obekelwe ukuthi ahlupheke iminyaka eyishumi , kunomuntu ozibulele ngoba ukuphumula akasayobuye akuthole nanininini

NokukaLuka 16:23-31 Uma umuntu owoniwe kungacelwanga intethelelo kuye, inhliziyo yakhe iyaqhubeka nokugaya izibozi, kodwa lokho kusuke kungasho ukuthi akanakulesula icala lakho uma ulivuma ucela intethelelo. Siyanda isigwebo uma icala lingathethiwe. Pho ngingaphuma kanjani kweyami inkinga na, lingathethwa kanjani elami icala nami ngikhululeke ngisaphila na? Uma umuntu evuma icala lakhe kwamonileyo, uyakhululwa. NgokukaJohane1:29 ,1Johane1:7 Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: Bheka iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. KwabaseRoma10:9 Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo,uyakusindiswa; Uma wonile isijeziso nosuku lokwahlulelwa luhlale lukulindele

(EkaJokobe 1:14, KwabaseRoman 6:23 Nkokuba inkokhelo yesono ingukufa,kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu uJesu iNkosi yethu.) Kodwa uma utholane nomkhululi uyakhululwa ekwahlulelweni kwakho. Nokungakholwa kuJesu kuyicala elilinde isijeziso. Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezwelwe yodwa. NgokuJohane1:18 Esesibili kusuke kuyizimo ezisuke zizompheka zimphekela ukuthi abe wumuntu ongcono kusasa. Kwesinye isikhathi singasho nokuthi kusuke kuwudiliza udongakazi oluvimbe impumelelo yakho, lokho akwenzeki ngaphandle kwezinhlungu emoyeni noma emzimbeni wakho. Kunjengoba ungeke walithola igolide ungambanga wafika ekujuleni komhlaba.

Ukuthi zimehlele yini umuntu izinkinga noma cha akusiwo umbuzo lowo, kodwa umbuzo wukuthi enze njani lapho sezifika ziza njengemvula phezu kwawo wonke umuntu. Ukuze isithombo sikhule , siyasidinga isimo esishisayo okuyilanga, kanjalo nemvula . Uma wehlelwa ukushisa, uphinde wehlelwe yimvula, ubojabula sithombo ngoba ayikho indlela oyokhula ngayo ngaphandle kwaleyo. Noma ngabe kwehla imimoya bambelela kuwo lowo mhlabathi otshwalwe kuwo. Futhi ayikho indawo encono lapho zingekho khona izinkinga , kuhle ujwayele indlela ophila ngayo uma zikwehlela ukhona khona lapha okhona. Ngeke kukusize ukuzibulala, kunalokho kuyovula amathuba okuhlupheka imihlangemihla okungeke kusaqedwa muntu ngaphandle kokuhlala khona kungasentando yakho. Kanti futhi alikho iqanda elichamiseleka lingakutholanga ukushisa empilweni yalo.

Bazalwane bami nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kunguthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. EkaJakobe1:23 Okwesibili Wukungazi ukuthi kungani ephila kulomhlaba, noma kuwungazi iphupho uNkulunkulu analo ngaye okumele ulihluphekele ukuze ufinyelele kulo. Akumnikezi inkinga umuntu okhululelwe uma ehlelwa yimisiko ngoba uyazi ukuthi imisiko ayibi khona ingekho ingane esendleleni ukuthi izalwe. Ukwanda kwemisiko kusho ngokusobala ukuthi isikhathi sokuzalwa kwengane sesisondele, ngakho-ke uma izinhlungu ziba zimbi kakhulu, lokho kumnikeza ithemba ukuthi ingane isingafika noma nini, lokho kwenza abakezele noma kungasavumi. Akekho umuntu ongazibulalela ukuthi uphethwe yimisiko ngoba usuke azi ukuthi

yingani emphethe. Futhi akekho umuntu ongazelaphela imisiko ngoba uyazi ukuthi izophela nini. Noma izinhlungu zingangakanani , kodwa ukwazi ukuthi lezo zinhlungu zilethwa wukuza kwengane kwenza ukuthi abakezele. Uma iphupho obulikhulewe iminyaka ngeminyaka wazi noma ungazi , uma sekufika isikhathi sokulizala, ngeke ulizale ungadlulanga emisikewni yalo. Uma lilikhulu kakhulu kungenzeka usikwe nokusikwa ngenxa yalo. Kubalulekile ukujabulela okulethwa yizinhlungu kunokunaka nokukhalaza ngezinhlungu. Okwesithathu Kuwungalazi ikusasa ngalokhu kuhlupheka abhekene nakho njenga manje nokungazi ukuthi kukhonani ngale kwezinhlupheko abhekene nazo namhlanje. James 1:12 Sifana nebhodwe elisemlilweni onkuni zalo yizinhlupheko

Into eyenza abantu baphume ebhodweni bengakabi yinto enambithekayo nedlekayo emlonyeni kaNkulunkulu wukungazi ukuthi baphekwa wubani futhi ubaphekalani nanokuthi bayovuthwa nini. Futhi izinhlupheko ziyithunywa ezihambisa umlayezo wezinga lokukholwa; ukukholwa okuyikhona okuthi uma kukhula kuchaze izinga lukusondelana noNkulunkulu. wukuthi abasazi isizathu sokuhlupheka kwabo, nokuthi bahlushwa wubani, nokuthi ukuhlupheka kwabo kuzothatha isikhathi esingakanani nokuthi isiphetho sokuhlupheka kwabi siyini. Noma lingasha lelibhodwe kodwa alisoze laphela , ukusha kwalo lelibhodwe kwenza izinto ezikulo zivuthwe. Ukungavuthwa kwezinto ezisebhodweni kwenza ukuthi ikusasa lakho linganambitheki kuwe nakubantu.

Ukuzazi ukuthi uphilela yiphi inhloso nanokuthi inhloso oyiphilela inkulu futhi ibaluleke kanjani, lokho kwenza ukuthi uthengise nanoma yini ukuze ungalahlekelwa yilokho okuphilelayo. uStefani akumnikezi inking ukushaywa ngamatshe uma ukuphila okuphakade kungokwakhe, futhi akanakulahla iqiniso elimgcina ephethe ukuphil a okuphakade ngenxa yobuhlungwana obunzimana. Lokho kusho ngokusobala ukuthi kukhona abantu uNkulunkulu akabadalele okuzoguqula izimo ezinye zazo eziqine sansimbi la emhlabeni. Akulula-ke nokho ukuguqula izimo ezinjengalezo into esizayo ukuba nolwazi olugxilile lokuthi ubizelwe ukuthi usetshenziselwe ukuguqula izimo ezinjengalezo. Inhlawulo noma inkokhelo encane ongayikhokha ngenxa yokholo lwakho ukubekezela ngokulula ; Kanti inkokhelo ephelele wukufela lokho okuphilelayo ngaphansi kwesimo sokukholwa okuqale kudlule esihlukwini esingabekezeleleki uma sifika enyameni yomuntu kuze kube wukufa ,lokho kuncike ekutheni isimo okumele siguqulwe siqine kangakanani.

Okwesine
Daniel 3

UAbedinigo uMesheki noShadraki babehlalelwe umsebenzi onzima ababengazi nabo ngawo kodwa ababezowenza besizwa wukukholwa kwabo. Babebheke nombuso wonke onkosi yawo inenhliziyo yokukhonza izithixo okuyinto evusela uNkulunkulu umhawu. Lokho kwabiza ukuthi uNkulunkulu enze icebo lokuthi iguquke inkosi uNebukhadinezari ngendlela eyayibukeka sengathi iyisihluku kubafan abakholwayo abangafuni ukukhonza izithixo ngenxa kaNkulunkulu wabo ophilayo. Le dayagramu engezansi ivenza amazinga obunzima noma okushisa esuka la kushisa khona kancane kunyukela kuze kube sekugcineni onamba yokugcina u wani (1) lakushisa kakhulu khona
1

Uma sengiphelile nginje kumele ngiyiqale kuphi impilo yami? Inhliziyo yenkosi uNebukhadizesari enstha eguqukukileyo yayiphethwe wuNKulunkulu, uNkulunkulu yena uqobo lwakhe engumlilo oquthulayo. Futhi akwakuyiyo inkosi okwakumele ulungiselele UNkulunkulu umlilo oqothulayo ukuze akwazi ukwehla azohlala khona nakuba yona yayicabanga ukuthi iwulungiselela ukushisa abafana kanti kuzohlala khona uNkulunkulu umlilo oquthulayo elethe inhliziyo yenkosi ephendukileyo. Emlilwe kwakungengene nanoma wubani ngaphandle kumuntu owazana nomlilo (Hebrews1:7). Ukwazi ngawe uphinde wazi ngesiphethi sakho kwenza ungabi naluvalo ngezinto ezikwehlela sengathi zifuna ukuvimbela ezifisweni zakho, kanjalo nokungathi zifuna ukuthatha impilo yakho. Okokugcina Kwakunamadoda amane ayephethwe wuchoko, okwakuyisifo esibucayi nesithathelanayo. Uma unaso lesisifo wawuxoshwa ususwe phakathi kwabantu nezihlobo nabathandiweyo bakho ngoba uzobathelela, ebese ubekwa la uzofela khona wedwa. Asiyicaphune lendaba 2 Amakhosi7:3 Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: Sihlaleleni lapha size sife na? Uma sithi Siyakungena emzini, indlala isemzini, siyakufela khona; uma sihlezi lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe sisukele ikamu lama-Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala siyakufa. Basuka kuhwelela, baya ekamu lamaAramu sebefike emaphethelweni , bheka kwakungekho muntu lapho.INkosi ibiyizwisile impi yamaAramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: Bheka, inkosi yakwa-

2. 3. 4. 5.

Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti amakhosi aseGibhithe ukuba asifikele. Ayesesuka abaleka... Akusiyona inyama negazi okwadala izulu nomhlaba, nakho konke okukuwo, kodwa yizwi likaNkulunkulu uliZwi owayekhona emhlabeni kungakabi bikho lutho. Noma kungenzeka ukuthi impilo yakho uyithola isisemweni lapho khona isigugile kungathi awusenamsebenzi walutho, ngenxa yezifo , nezinkinga, nokuzama wehluleke, kodwa into okufanele uyazi kusukela namhlanje wukuthi: Noma kunganenhlekelele engakanani empilweni yakho, amandla okulungisa leyonhlekelele esempilweni yakho awekho emandleni ezikhwepha zenyama yakho, awekho ngisho nasemalini noma kwi-medical aid yakho, awekho ngisho ezihlotsheni ngisho nakumfundisi wakho, kodwa alele ezwini ozolikhuluma njengamanje.: Sihlaleleni la size sife na? Into eyasiza neyakhulula amadoda anochoko akusizo izikhwepha zawo,

ngoba izikhwepha zawo zase ziyisikhumba esinamathele emathanjeni. Kodwa into eyawasizayo wukukhuluma izwi ephakathi kwayo inhlekelele. Ngoba izwi likaNkulunkulu linamandla okubhidliza izinqaba. Izwi likaNkulunkulu alisebenzi ngokuthi umuntu uyisidlakela esingakanani , kodwa lisebenza ngokulikholwa ebese uyalenza. Kuyodlula izulu nomhlaba kodwa izwi likaJehova limi kuze kube phakade, ngakho-ke uma ugcine lona ngaphakathi kwempilo yakho , uba nesiqiniseko sokuphila nesokubona ikusasa ngoba lona alisoze laphela lapho umhlaba usudlulile. Nalamadoda aphelelwa yizihlobo , aphelelwa yimisebenzi awayeyenza, aphelelwa yisithunzi , aphelelwa na amandla, kodwa izwi elalikuwo ngaphakathi alizange liphele. Nakuba kungenzeka sekuphele konke obuthembele kukho, kodwa izwi elikuwe alikapheli. Isiqalo esisha sempilo yakho asikho ekutheni kusele imali engakanani ongayisebenzisa ukuze impilo yakho

iye phambili, asikho ekutheni yini osenamandla okuyenza, kodwa silele ezwini elikuwe namuhla. Khuluma izwi, ebese uyasukuma uyalilandela, lizokuholela emdlelweni aluhlaza. Kwamsiza no Jobe ukubambelela kulo ngoba linamdla Kunene nhlekelele obhekene nayo. UJobe wehlelwa yinhlekele, walahlekelwa yimfuyo yakhe, wathi esamangazwe yilokho, wafelwa yizinceku zakhe, yonke ayephila ngayo njebhizinisi onkungenzeka wayeselisebenzele iminyaka edonsa kanzima, kodwa esevele liphela kalula nje, kodwa nakuba kunjalo akazange azibulale, futhi akazange adikibale, kodwa wabadedela izinto akasezisebenzele kanzima, wabamba umthombo lapho zazivele khona IZWI. Nakuba sekufike enyameni yakhe wamilwa ngamathumba umzimba wonke, kodwa wabambelela ezwini. Nendodana yolahleko kwase kuphele konke , kodwa nakuba kunjalo ikhona into ethembekile engasoze yakushiya, IZWI: yayisilikhuluma izwi:

Ngiyakusuka ngiye kubaba ngithi baba ngonile kulo izulu nomhlaba naphambi kwakho... Yayisisuka yalilandlela izwi, Yaphuma enhlekeleleni eyayikuyo. Pho wena ungasala kanjani? Ungalokhu ubeka abantu icala ngokungaphumeleli kwakho ; indaba yakho ayikho emsamo, ayikho futhi phansi kodwa ingaphakathi kwakho e Zwini. Sengizamile ukukhuluma izwi kodwa akwenzeki, ngenzenjani manje?

Memeza kakhulu izwi lakho maledlule elezixuku ngoba ziqamba amanga ngempilo yakho zithi sezimlandele isikhathi eside uJesu kodwa azisizakalanga nawe ngeke uze ulungelwe yilutho. Izwi lakho malingapheleli ezixukwini ezithi sekuphelile ngawe, kodwa malizeqe lifinyelele kuJesu, yena abese ethumela zona ukukubiza , zona ebese zithi: Mana isibindi uyakubiza Kunezinto ongasakwazi ukuphuma kuzo, memeza kakhulu.... Kunezinto ongasakwazi ukufinyelela kuzo, memeza kakhulu... Body Of Christ

Kwakungenzeka impumputhe uBhathimewu athi uyakhuluma ethi: Jesu Ndodana kaDavide ngiwahawukele, kodwa engezwakali ngenxa yomsindo wabantu abakake ikhambi lenkinga yakhe, kodwa into eyamsizayo wukukhuphula i volume ephinda wona lawo magama: Jesu Ndodana kaDavide ngihawukele

Site: http://sites.google.com/site/bodyofchri stproject E-mail: Fax: btzuma@gmail.com

086 619 3516

Tel: 083 297 9497

Vous aimerez peut-être aussi